
Sukuma |
Ukulala Phansi |
||
![]() |
Isinyathelo 1 Beka izandla zakho emaceleni bese ubheka izinguquko ezingakhona emabeleni akho, umbala wesikhumba sebele, usayizi, ukuma kwawo, ukufacaka kanye nokushintsha kwesikhumba |
Faka umcamelo ngaphansi
kwegxalaba langakwesobunxele, bese ubeka isandla sobunxele esiphundu
sekhanda lakho ukwenzela ukuqondisa isicubu sebele. Hlolisisa-ke ibele
lakho ngokwenza okubhalwe kwisinyathelo 4 ngokuhambisa isandla sizungeze
ibele. Ngesandla sakho sokudla naso ususibeke ngemuva kwekhanda, phinda
kona lokho ebeleni lakho lesokudla. Botoza ngesineke ingono yebele
ukubheka ukuthi kukhona okuphumayo okusaketshezi
Ukuzihlolela ngokwakho ibelo kufanele ngokomthetho kwenziwe njalo kanye ngenyanga. Uma kukhona izinguquko ezikhona noma okungajwayelekile bikela udokotela wakho noma abomtholampilo wakho. |
![]() |
![]() |
Isinyathelo 2 Manje beka izandla zakho ngaphezu kwekhanda. Bheka ukuthi amabele omabili aphakama kanyekanye. |
![]() |
|
![]() |
Isinyathelo 3 Beka izandla zakho okhalweni, ucindezele ukhalo, amahlombe nezindololwane uziyise phambili. Gobela ngaphambili bese ubheka ukuthi amabele omabili awela phambili kanye kanye. |
Vakashela
umtholampilo wakho uma uthola lokhu:
Ukuthola ngokushesha izimpawu zomdlavuza webele:
|
|
![]() |
Isinyathelo 4 Manje phakamisa isandla sakho sobunxele. Nqesandla sakho sokudla hlanganisa iminwe ndawonye iqonde bese ngokuqaphele okukhulu nangesineke uhlole ibele langa kwesobunxele. Hlikihla isandla sakho sakuzengeza ebeleni uqale ngengaphandle nangaphezulu bese uthi, ukucindezela kakhudlwana ukuze uzwe isicubu sebele nengaphakathi lebele. Uma sewuzungezile okokuqala iya ngakwingono yebele uphinde uzungezise isandla uqhubeke kuze kube ufinyelela kwingono yebele. Bheka indawo engenhla kwebele ikakhulukazi ngasekhwapheni, ukubheka izigaxa. Phinda ngasebeleni langekwesokudla. |
||