Home   Index    Contact Us



Undunankulu wesifundazwe uvule ngokusemthethweni ikolishi lobuhlengikazi esibhedlela I Edendale


UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnu Senzo Mchunu ehambisana noDkt Sibongiseni Dhlomo bavule ngokusemthethweni ikolishi lobuhlengikazi i Edendale Nursing Campus. Lelikolishi lasesibhedlela i Edendale laziwa kakhulu ngomlando walo wokukhiqiza abahlengikazi abaningi abaseqophelweni eliphezulu kwimikhakha efana no Midwifery; Paediatric Nursing; Orthopaedic Nursing; Operating Theatre Nursing kanye ne Critical Care Nursing.

Lelikolishi lasuswa ngaphakathi esibhedlela ngonyaka ka 2000 layiswa la likhona njengamanje edolobheni ngenxa yokukhula kwesibalo sabafundi. Kwakudingeka ukuthi uMnyango ukhokhele abaphathi bebhilidi njalo ngenyanga kodwa kwathi ngo 2003 uMnyango waxoxisana nabaphathi bebhilidi lase liba sezandleni zoMnyango.
UDkt Dhlomo uthe ukulilungisa lelikolishi kudle uMnyango wakhe imali engango R40 million. Ezintweni ezakhiwe kuleli kolishi kubalwa amakilasi angu 6 anobuchwepheshe besimanje; ikhishi labafundi; igumbi lemihlangano; ikhishi labasebenzi elinezihlalo zokuphumula; ihhovisi likathishanhloko nesekela lakhe; ihhovisi lonogada esangweni kanye nokunye okuningi.

“Njengakuwo wonke amakolishi ethu, nalana sizimisele ukukhiqiza abahlengikazi abazikahle ukuthi ubuhlengikazi bungumgogodla ekusebenzeni kwezeMpilo eNingizimu Afrika futhi abazohlala njalo bekhumbula izifungo abazenza mhla begogodela ubuhlengikazi” kuphetha uDkt Dhlomo.


 

Umnu Senzo Mchunu, uDkt Sibongiseni Dhlomo noCllr Yusuf Bhamjee bevula ngokusemthethweni i Edendale Nursing Campus

Umnu Senzo Mchunu noDkt Sibongiseni Dhlomo kuvulwa i Edendale Nursing Campus.

The material on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.
Copyright © KwaZulu-Natal Department of Health, 2001

 | Disclaimer