Home   Index    Contact Us

Isibhedlela I Edendale siqede iminyaka engamashumi ayisithupha sikhona


Isibhedlela esingezinye ezinkulu ngokwesibalo semibhede eNingizimu Afrika i Edendale ibungaze iminyaka engu 60 selokhu yabakhona ngomcimbi wesidlo sakusihlwa. UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe kuyamjabulisa ukuthi lombungazo wesibhedlela ufika nje lapho iNingizimu Afrika nayo ibungaza iminyaka engu 20 yathola inkululeko.

UDkt Dhlomo uthe “siyajabula ukuba lana sibungaze impumelelo nokuqinisela kwesibhedlela ezikhathini ezinzima zobandlululo. Ngezikhathi zobandlululo abantu abamnyama babencishwa ukuthola usizo lwezempilo olusezingeni, kwakuhlukaniswa ngokwebala kodwa isibhedlela i Edendale yona yakwazi ukunikeza abantu bendawo abamnyama kanye nabavela kwezinye izindawo izinga elingcono kakhulu”.

“Kuliqiniso elingephikwe ukuthi ngo 1948 kuya ku 1994 ubandlululo lwashaya kakhulu izinga lempilo yabantu abamnyama. Khona kunjalo i Edendale ikwazile ukwenza umsebenzi oncomekayo njengesibhedlela kanti futhi njengekolishi labahlengikazi” kusho uNgqongqoshe Dhlomo.
Lesi sibhedlela saba ngesokuqala eNingizimu Afrika ukuba ne post-operative recovery ward okuyiwadi enakekela iziguli eziqeda kuhlinzwa. Saphinde saba ngesokuqala ekunikezeni nge intensive care units. “Kumanje lesibhedlela sihlonishwa kakhulu, ayi kuphela la esiFundazweni kodwa nasezweni lonke” kuchaza uDkt Dhlomo.+

 


UDkt Sibongiseni Dhlomo ezothula inkulumo yakhe kulomcimbi.



















 

The material on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.
Copyright © KwaZulu-Natal Department of Health, 2001

 | Disclaimer