Home   Index   Search   Contact Us


 

History of King Edward VIII hospital

The story of King Edward VIII Hospital dates back to 1936, when it first opened its doors, for the sole use by black people. The physical structures and other facilities reflect this shameful legacy as much older white institutions are in better shape than King Edward. Built on a massive site of 42 acres, the hospital enjoys a rich heritage from both the Zulu and British royal families. The hospital was named after King Edward VIII, who abdicated the throne a week after the opening of the institution. This hospital is situated in what used to be one of King Shaka’s residences-KwaKhangela Amankengane Today,

UMLANDO LAPHO KWAKHIWA KHONA ISIBHEDLELA

Umlando wendawo okwakhiwe kuyo i-King Edward uveza ukuthi kulendawo kwakungumuzi waKwaKhangelamankengane-nokwabe kungowenkosi uShaka. Lomuzi wakhiwa emva kokuba iLembe lehlule abantu baseMathulini ababakhe kulendawo kade besuke eMpaphala esizweni sakwaLuthuli. UShaka wakha lomuzi wathi ilapho oyobheka,amukele khona izifiki(ayokhangela khona amankengane). Ingani wayeseshilo ukuthi laphaya olwandle kuyoqhamuka khona izinkonjane zezulu, esho abelungu-nowathi uyobakhangela ekulomuzi. Induna yalomuzi kwaba nguMnini owabe eyinkosi yaMathuli-nongukhokho wenkosi uMhlabunzima Mthuli. Sebefikile abelungu iLembe labakhisa kulendawo yaseThekwini, nokuligama elaqanjwa aMathuli kulandela ukuthi athi ikhona lolwandle laphaya eSibubulungu (Bluff)liyithweka-okusho imbumbulu yesende eyodwa. namanje ulwandle laphaya lumi kanjalo. Emva kokukhothama kweLembe nasemveni kokwehlulwa kwaMaZulu, basusa zonke izizwe ezazakhe eThekwini ukubala aMathuli noCele. Emva kokukhothama kwenkosi yamangisi eNgilandi u-King Edward ngithi unyaka wezi-1910 amaNgisi anquma ukumhlonipha ngokwakha lesisisibhedlela asesiqamba ngaye; nesavulwa ngo 1936. Iqiniso lithi kwakungumuzi weLembe(King Shaka)owawakhiwe laphla.

 

Back to King Edward VIII hospital

The material on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.
Copyright © KwaZulu-Natal Department of Health, 2001

 | Disclaimer