Sisho amathambo abuthakathaka
Amathambo abuthakathaka angadala izinkinga ezinkulu kubantu besifazane
abanalenkinga ikakhulukazi kulabo besifazane asebefikelwe isikhathi sokuba
bangayi esikhathini. Oyedwa kwabathathu besifazane abaneminyaka yobudala
engaphezu kuka 65 bayoba nenkinga yokuhlaselwa ukuchachamba komhlonzo lapho
sebeguga. Kanti enye indawo ejwayele ukuchachamba
kubantu besifazane abakhulile ithambo lethanga.
Amathambo asemzimbeni wethu awahlangene futhi awanalo ushintsho. Zonke
izinsuku kunohlelo lokushintshashintsha nokwakheka kabusha okuqhubekayo
amathambo aqhubeka nokwakheka kabusha . Imvamisa lezinhlelo zombili ziba
sesimweni
esibhalansayo kanti amathambo wona aqhubeka nokuba ugqinsi kanye namandla .
Kodwa uma sikhula kubakhona ukungabhalansi kubekhona ukwehla kwezinga
ethanjeni kunokuba lingakakwazi ukwelapheka ngaleyondlela amathambo aya
ngokuzaca.
Umzimba udinga iKhalsiyamu ukuze kusebenze kahle amaseli. Amathambo
azakhela ikhalsiyamu wona ngokwawo ukongela umzimba. Uma kuba khona ukushoda
kwekhalsiyamu ibe isidonswa emathanjeni ngakho uma kunokushoda kwekhalsiyami
amathambo ayohlale ebuthaka.
Umzimba omncane onebala elikhanyayo, owesifazane omhlophe noma oyiNdiya. Ukukhula nakho kungezinye zezinto ezinomthelela njengoba uma umuntu wesifazane ekhula liyehla izinga lamahomoni. Lokhu kwehlisa izinga lokumunceka kwekhalsiyamu.
Eminye imithi idala ukulahleka kwamaminerali ethanjeni. Kanti lokhu kuhlanganisa i-cothisoni, imithi yokwelapha isifo sokuwa, kanye neminye. Ukuhlinzwa kukhishwa isibeletho ngaphambi kokuyeka ukuya esikhathini ikakhulukazi uma kuphindwe kwakhishwa nama ovari nakho kwandisa ubungozi bokuba namathambo abuthaka.
Nayo idlala indima ebalulekile njengoba izinto ezifana nokubhema ukuphuza utshwala, ukuphuza itiye nekhofi ngokweqile nokungatholi iKhalsiyamu eyanele ngokunjalo nokungavocavoci umzimba kungabangela isimo samathambo abuthaka.
Qala usemncane ukuba namathambo aphilile.uma umuntu eba namthambo aqinile ebusheni wona lawo mathambo ayomsiza lapho esekhulile.