Abesifazane bomnyango wezempilo basonge inyanga yabo ngesitayela

ABASEBENZI besifazane boMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali bathe ukukhohlwa kancane imisebenzi yabo yansuku zonke yokuba matasa bayozitotosa ngokuhlanganyela noNgqongqoshe wabo uMhlonishwa Nomagugu Simelane ehholo lomphakathi oVongo.

Ukuvunguza komoya opholile wolwandle kube nomthelela omuhle kuzihambela ebezihlose khona ukushawa wumoya zisuse ukhwantalala lokusebenza kanzima nsuku zasa ezibhedlela nasemitholampilo yesifundazwe.

UNgqongqoshe Simelane, naye obekhiphe unyawo, edansa kanye nabasebenzi bakhe, uqoke ukuzovala inyanga yabesifazane ngokuhlanganyela nezimbali zezwe ezisemkhakheni wezempilo kuhlanganisa abahlengikazi, odokotela, abakwezokuphatha, amahlanza izibhedlela nemitholampilo, njalonjalo.

Inhloso ngqangi yalo mcimbi bekuwukuzoxoxa ngezinto ezimqoka ezingaqeda ukhwantalala olungakhungatha abasebenzi besifazane emsebenzini wabo wansuku zonke. Bekukhetha ukhethi ngengqephu, zishiyana umshefezo kuhleshulwa izithombe ngapha nangapha.

UNgqongqoshe Simelane ubonge kakhulu abasebenzi bonke bezeMpilo ngeqhaza abalibambayo eMnyangweni wokuhlenga imiphefumulo yabantu abagulayo nabalimele nsuku zonke, nathe lokhu kungaludala ukhwantalala nje kukodwa.

"Ngifisa ukuqala ngokunibonga njengabasebenzi ikakhulukazi ngeqhaza enilibambayo eMnyangweni, ikakhulu ngesikhathi se COVID-19 lapho nazidela khona amathambo nabhekana ngqo nalesi sifo. Kwakuyisikhathi esinzima owawungahamba uye emsebenzini ucishe ungabuyi. Ngibonga bonke abasebenzi bezeMpilo hhayi kuphela abahlengikazi noDokotela, kepha abasebenzi bezeMpilo bebonke".

UNgqongqoshe uphinde wagqugquzela abasebenzi ukuthi bangagcini nje ngokunakekela baphinde baluleke iziguli, kodwa nabo abahlole izifo baphinde baqinisekise ukuthi bayayinakekela impilo yabo.

"Yebo ninawo umsebenzi wokuthi ninakekele iziguli, kodwa kumele niqale ngani uzobo. Uma unendodakazi yakho ibukela kuwena yonke into oyenzayo. Njengakho ukuhlolela umdlavuza wesibeletho nowebele. Uma singahloli izifo, izingane zethu angeke zifunde ukuthi kumqoka kangakanani ukuhlolela izifo. Indlela esikhulisa ngayo izingane imqoka kakhulu. Bangaki nje abasebenzi bezeMpilo abashonayo ngokuthi baphethwe yi BP ize ibe phezulu ngenxa yokungahloli. Kubalulekile ukuthi sizithande, kubalulekile ukuzinakekela. Kumele sifundise izingane zethu ukuthi ngaphambi kokuthanda omunye umuntu , kumele uqale ngokuzithanda wena. Bangaki nje la abasebenzisa amakhondomu kaHulumeni? Uma singawasebenzisi thina, okusho ukuthi sinika umphakathi ulwazi kodwa thina asikwenzi. Ngamanye amazwi ngithi asizinakekele thina kuqala."

UNgqongqoshe Simelane uphinde wakhuluma ngokuthi bangu 75% abantu besifazabe abasebenzela uMnyango wezeMpiloKwaZulu-Natali, kodwa bangu 45% abesezikhundleni eziphezulu. UNgqongqoshe Simelane uthi kumele kubhekwane nalokhu, ngoba akumele abesifazane abesezukhundleni babe bancane kunabantu besilisa.

UNgqongqoshe Simelane uphinde wanxusa abasebenzi ukuthi behlise ophuzweni oludakanayo ngoba luyawukhahlameza umzimba, kanti futhi luholela ocansini olungavikelekile, nasezinqumweni ongagcina usuzisola ngazo.

ENDS!

Quick Links

This page last edited on 30 August, 2023

The materials on this website may be copied for non-commercial use as long as our copyright notice and website address are included.

Copyright 2014 - All Rights Reserved - KwaZulu-Natal Department of Health

Disclaimer Website by KZN Department of Health